Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 5:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambeka induna yezanusi, neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kukhona indoda embusweni wakho onomoya wawonkulunkulu abangcwele; nasemihleni kayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha konkulunkulu; owabeka inkosi, uyihlo uNebukadinesari, inkosi, ngithi uyihlo abe yinkosi yabathakathi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola;

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 5:11
19 Referans Kwoze  

“Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari; wena Beliteshasari, yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo; kepha wena ungakwenza, ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.”


Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Abantu bamemeza bathi: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.”


Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi, kakho omunye ongayibonisa phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.”


“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.”


Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”


bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli, ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;


abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla ukukhonza endlini yenkosi, abafundise izincwadi nolimi lwamaKaledi.


uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.


Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: “Ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende, abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”


ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakho uzizuzele imfuyo, wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;


Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.


Ngalokho ngakhipha isimemezelo sokuba kulethwe bonke abahlakaniphileyo baseBabele phambi kwami, ukuze bangazise incazelo yephupho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite