Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Bhelitheshazari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazelo yalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Belitshazari, nkosi yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe, nokuthi akukho mfihlakalo ekukhathazayo, ngitshele imibono yephupho lami engalibonayo kanye nencazelo yalo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:9
18 Referans Kwoze  

Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambeka induna yezanusi, neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,


Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.


Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami, okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:


Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.


Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli, ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;


Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”


“Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari; wena Beliteshasari, yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo; kepha wena ungakwenza, ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.”


Uyakumiswa ngokulunga; uyakuba kude nokucindezelwa, ngokuba awuyikwesaba, nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.


Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi: “Uphi umbhali, uphi olinganisile intela, uphi obalile imibhoshongo na?”


Maye kithina! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izifo ehlane.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”


ngilitshale empakameni yentaba yakwa-Israyeli, liveze amagatsha, lithele izithelo, libe ngumsedari* omuhle, kuhlale phansi kwamagatsha onke izinyoni zezinhlobo zonke, zihlale ethunzini lamagatsha alo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite