Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami, okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kepha kwathi ekugcineni kweza kimi uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, okuyigama elifana nelikankulunkulu wami, okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha ekugcineni wangena phambi kwami uDaniyeli ogama lakhe lalinguBelitshasari njengegama likankulunkulu wami, okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngalandisa iphupho phambi kwakhe, ngathi:

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:8
14 Referans Kwoze  

Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.


Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.


“Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari; wena Beliteshasari, yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo; kepha wena ungakwenza, ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.”


“Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.


Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi, kakho omunye ongayibonisa phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.”


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: Uphi yena owabakhipha elwandle kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,


UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama; izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo; enibathweleyo bangumthwalo, banzima ezilwaneni eziyethileyo.


Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”


Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?”


UNebukadinesari wathatha wathi kuwo: “Kungamabomu yini, Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego ningakhonzi unkulunkulu wami, ningakhuleki esithombeni segolide engisimisileyo, na?


ngilitshale empakameni yentaba yakwa-Israyeli, liveze amagatsha, lithele izithelo, libe ngumsedari* omuhle, kuhlale phansi kwamagatsha onke izinyoni zezinhlobo zonke, zihlale ethunzini lamagatsha alo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite