Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Zase zifika izanusi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kepha abangazisanga incazelo yalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kwase kufika izanusi, abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kodwa bahluleka ukungichazela lona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Zase zingena izanusi, nabahlola izinkanyezi, namaKaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho; kepha abangazisanga incazelo yako.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:7
16 Referans Kwoze  

oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Abuye aphendula, athi: “Inkosi mayisho iphupho ezincekwini zayo, thina sibonise incazelo.”


UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangeyibonise yona inkosi.


AmaKaledi aphendula phambi kwenkosi, athi: “Akukho muntu emhlabeni ongabonisa indaba yenkosi, ngokuba akukho nkosi, nanduna, nambusi owake wabuza indaba enjalo nakwesisodwa isanusi, nothwebulayo, naKaledi.


Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.


Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.”


abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla ukukhonza endlini yenkosi, abafundise izincwadi nolimi lwamaKaledi.


Ngalokho kwasondela ngaleso sikhathi amadoda amaKaledi, ahleba abaJuda.


“Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari; wena Beliteshasari, yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo; kepha wena ungakwenza, ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.”


Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: “Ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende, abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”


Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo.


Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;


Bheka, ungumkhoba, ungumsedari* waseLebanoni; unamagatsha amahle, namaqabunga anomthunzi, nesiqu esiphakemeyo; isihloko sawo siphakathi kwamafu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite