Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Mina Nebukadinesari ngangihlezi ngokuthula, ngatamasa endlini yami yobukhosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Mina Nebukhadinezari ngangihlezi ngokuthula, ngitamasa esigodlweni sami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Mina, Nebhukhadinezari, ngahlala endlini yami, ngaphumelela esigodlweni sami.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:4
13 Referans Kwoze  

Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani, ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo, abathi ezinhliziyweni zabo: UJehova akenzi okuhle, akenzi nokubi.


ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe, drako* omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho uthi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”


Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho, wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho; ngikulahlele phansi, ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.


“UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe, uphumulile enhleseni yakhe, kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.


Wozani, ngiyakuletha iwayini, sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi, kakho omunye ongayibonisa phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.”


Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite