Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

37 Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Futhi mina, Nebukhadinezari, ngidumisa futhi ngidumisa futhi ngidumisa iNkosi yezulu, yonke emisebenzi yayo iyiqiniso nezindlela zayo ziyahlulela; futhi Angathobisa labo abahamba ngokuzidla.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:37
31 Referans Kwoze  

Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, lapho ngikuthethelele konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.’ ”


Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka.


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;


Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;


Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.


Amandla eNkosi athanda okulungileyo, umisile ubuqotho; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.


Ngase ngizwa i-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, ziqinisile, zilungile izahlulelo zakho.”


Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe.


Yeka ubuningi bezibonakaliso zakhe, namandla ezimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.


Ngokuba udadewenu iSodoma akaphathwanga ngomlomo wakho ngosuku lokuzidla kwakho,


Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.


NguJehova Sebawoti okucebileyo ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


“Bizani abacibishelayo, balwe neBabele, bonke abansala umnsalo, nimise nxazonke zalo, lingabi nophunyukayo, niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo, ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.


Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zomuthi, umbuso wakho uyakuqina kuwe, lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa.


Yebo, kuwena, nakubantu bakho, nasezincekwini zakho zonke ayakwenyukela amasele.’ ”


Yayisithi inkosi kuHamani: “Shesha, uthathe isambatho nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi, umJuda, ohlezi esangweni lenkosi. Makungaphuthi lutho lwakho konke okukhulumileyo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite