Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

35 bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Futhi bonke abakhileyo emhlabeni babhekwa njengento engelutho; futhi wenza njengentando yakhe ebandleni lasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongabamba isandla sakhe, athi kuye: ‘Wenzani na?’

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:35
41 Referans Kwoze  

Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.


“Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.


Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.


kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,


Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?”


ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke.


Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?


Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.


“Osolayo uyakuphikisana noSomandla na? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”


“Kodwa uyinto inye, ngubani ongambuyisa na? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza.


Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,


Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


USamuweli wayesemtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.”


kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena;


Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.


Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?”


Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,


Esendaweni lapho ehlala khona uyababuka bonke abakhileyo ezweni,


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*


Ngokuba izwi lenkosi liyabusa; ngubani ongasho kuyo ukuthi: “Wenzani na?”


Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe yeGibithe; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova Sebawoti alicebe ngalo.


Uyakhulula, ophule; uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”


Ayesekhala kuJehova, athi: “Siyakuncenga: masingabhubhi ngenxa yalo muntu, ungabeki phezu kwethu igazi elingenacala, ngokuba wena Jehova wenzile njengokuhlosa kwakho.”


Inkosi yaseJeriko yatshelwa; kwathiwa: “Bheka, kwafika lapha ebusuku amadoda abantwana bakwa-Israyeli ukuba ahlole izwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite