Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukadinesari, kukhulunyiwe kuwe ukuthi: Umbuso usukile kuwe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Kwathi nje izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwase kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukhadinezari, kukhulunyiwe kuwe kwathiwa: umbuso usukile kuwe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kwathi leli zwi lisesemlonyeni wenkosi, kwawa izwi ezulwini, lathi: “Kukhulunyiwe kuwe, nkosi Nebukadinesari; Umbuso umukile kuwe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:31
25 Referans Kwoze  

Ngase ngizwa i-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, ziqinisile, zilungile izahlulelo zakho.”


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.”


PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”


Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


nansi incazelo, nkosi: kuyisimemezelo soPhezukonke esiyehlele inkosi yami, inkosi,


Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.* Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”


Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.”


Ukuzidla komuntu kuyamthobisa, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile; ngubani ongakuchitha na? Isandla sakhe singeseluliweyo; ngubani ongasibuyisa na?


Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zomuthi, umbuso wakho uyakuqina kuwe, lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa.


Inkosi yathatha yathi: “Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?”


uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


Uyakhulula, ophule; uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”


Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite