Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Amaqabunga awo ayemahle, nezithelo zawo zaziziningi, kukhona kuwo ukudla kubo bonke; izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwawo, izinyoni zezulu zazihlala emagatsheni awo, nenyama yonke yondliwa kuwo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Amaqabunga aso ayemahle, nezithelo zaso ziziningi, kukhona kuso ukudla kwabo bonke. Izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwaso, izinyoni zezulu zihlala emagatsheni aso, nabantu bonke babondliwa yiso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Amaqabunga awo ayemahle, nezithelo zawo zaziziningi, futhi kuwo kwakukhona ukudla kwabo bonke: izilwane zasendle zazinomthunzi ngaphansi kwawo, nezinyoni zezulu zahlala emagatsheni awo, nayo yonke inyama yondliwa kuwo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:12
13 Referans Kwoze  

Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi, izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo.”


ngilitshale empakameni yentaba yakwa-Israyeli, liveze amagatsha, lithele izithelo, libe ngumsedari* omuhle, kuhlale phansi kwamagatsha onke izinyoni zezinhlobo zonke, zihlale ethunzini lamagatsha alo.


Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emigodini yabo, esathi ngaye: “Phansi kwethunzi lakhe siyakuphila phakathi kwezizwe.”


“Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.


yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu, kepha uma isikhulile, inkulu kunezilimo, iba ngumuthi, kuze kufike izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni awo.”


kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo, ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo.”


Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo, ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.


Wamemeza ngamandla, washo kanje, wathi: ‘Gawula umuthi, unqume amagatsha awo, uvuthulule amaqabunga awo, uhlakaze izithelo zawo; izilwane mazisuke phansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.


Uyamuka izinhloko zezizwe ezweni ingqondo yazo, azidukise ehlane elingenandlela.


“Ngokuba kukhona ithemba emthini: uma unqunywa, ungabuye uhlume, nehlumela lawo aliyikuphela.


ngephunga lamanzi uyakuhluma, uveze izingatsha njengesithombo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite