Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 3:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wayesesondela uNebukadinesari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phakathi komlilo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Wayesesondela uNebukhadinezari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadirakhi, Meshakhi, no-Abhedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phakathi komlilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UNebukadinesari wasondela emnyango wesithando somlilo ovuthayo, wakhuluma wathi: “Shadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha. Khona-ke uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego baphuma emlilweni.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 3:26
22 Referans Kwoze  

Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Bekukuhle kimi ukwazisa izibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzile kimi.


Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.”


Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.


Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.”


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”


Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha, ningahambi ngokubaleka, ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu, noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.


Abapristi abathwala umphongolo babemi phakathi neJordani, kwaze kwaphelela konke uJehova amyale ngakho uJoshuwa ukuba akukhulume kubantu njengakho konke uMose abemyale ngakho uJoshuwa; abantu bashesha bawela.


Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo ngaphakathi neJordani, abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.


Kepha uPawulu wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.”


Kwathi isisondele emphandwini kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo; inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?”


Ngalokho ithi iNkosi uJehova: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo, itshe elivivinyekileyo, itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso; okholwayo kayikubaleka.


“Babuyisela impendulo kithi, bathi: ‘Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.


UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.


Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,


Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla.


Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ezweni laseGibithe nasesithandweni sensimbi,


engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi,’ ngokuthi: ‘Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,


Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.


Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.


UDaniyeli wathi enkosini: “Mana njalo, nkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite