Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 3:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngalokho ngokuba isiyalezelo senkosi sasicindezele, nesithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ngalokho ngokuba umyalo wenkosi wawunesihluku, nesithando somlilo sishisa ngokwedlulele, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda ayequkula uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngakho-ke, ngenxa yokuthi umyalo wenkosi wawushubile futhi isithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda athatha oShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 3:22
10 Referans Kwoze  

Omubi uyihlawulo lolungileyo, nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.


Olungileyo uyakhululwa osizini, kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.


AbaseGibithe babebacindezela abantu ukuba babakhiphe ezweni ngokushesha, ngokuba bathi: “Thina sonke sifile.”


UHerode esemfunile engamfumananga, wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.


Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.


wathatha wathi ku-Ariyoki induna yenkosi: “Siphumeleni enkosini lesi simemezelo esicindezelayo na?” U-Ariyoki wayesemazisa uDaniyeli indaba.


Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.


Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni, imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu; ingonyama ayidlanga isidumbu, ayidwengulanga nembongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite