Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 3:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Aboshwa-ke lawa madoda egqoke amayembe, namabhulukwe, nezigqoko, nezinye izingubo, aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ngakho-ke aboshwa lawo madoda egqoke amayembe, amabhulukwe, izigqoko, nezinye izingubo; aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Khona-ke la madoda aboshwa egqoke izingubo zawo, amabhulukwe nezigqoko nezinye izingubo zawo, aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 3:21
6 Referans Kwoze  

Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: ‘UJehova makakwenze ukuba ube njengoSedekiya no-Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,’


Wayeseyaleza amadoda anamandla asempini yakhe ukuba abophe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo.


Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawo madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, kungahamukanga lunwele olulodwa emakhanda awo, engaguqukanga amayembe awo, lingasondelanga kuwo nephunga lomlilo.


Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni.


Ongawi phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.”


zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite