Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 lokuthi uma ningangazisi iphupho, umthetho munye nje ngani, ngokuba nilungisile amazwi amanga nawonakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi: ngalokho ngitsheleni iphupho, ngize ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 lokuthi uma ningangazisi iphupho, umthetho munye nje ngani, ngokuba nilungisile amazwi amanga nawonakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi: ngalokho ngitsheleni iphupho, ukuze ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha uma ningangazisi iphupho, munye kuphela umyalo kini; besengitshela iphupho, ngizakwazi ukuthi lingangitshela ingcazelo yalo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:9
17 Referans Kwoze  

Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo, sazi ukuthi ningonkulunkulu; yebo, yenzani okuhle noma okubi, simangale, sikubone kanyekanye.


Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.


PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”


Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi: “Kusho uJehova,” kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo.


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.


UDariyu umMede wamukela umbuso eneminyaka engamashumi ayisithupha nambili.


nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali* nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?


“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo,


Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.


“Wathi: ‘Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke.’ “Wayesethi: ‘Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.’


Inkosi yakwa-Israyeli yayisibutha abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: “Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Inkosi-ke yaphendula yathi: “Ngiyazi impela ukuthi niyazenzela isikhathi, ngokuba nibona ukuthi izwi liphumile kimi


UDaniyeli wayesengena, wacela enkosini ukuba imnike isikhathi ukuze abonise inkosi incazelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite