Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Inkosi yaphendula, yathi kumaKaledi: “Izwi liphumile kimi lokuthi uma ningazisi iphupho nencazo yalo, niyakuhlahlelwa, izindlu zenu zibe yiquba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Inkosi yaphendula, yathi kumaKhaledi: “Izwi liphumile kimi lokuthi uma ningangazisi iphupho nencazelo yalo, niyakuhlahlelwa, izindlu zenu zibe yincithakalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Inkosi yaphendula, yathi kumaKaledi: “Indaba isuke kimi; uma ningangazisi iphupho nencazo yalo, niyakunqunywa, izindlu zenu zenziwe iquba.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:5
10 Referans Kwoze  

Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.”


“Futhi ngikhiphe isimemezelo sokuthi yilowo nalowo oguqula leli zwi, makukhishwe umuthi endlini yakhe, aphakanyiswe, abethelwe kuwo, indlu yakhe yenziwe ibe yiquba ngenxa yalokho,


Babhidliza insika kaBali, badiliza indlu kaBali, bazenza izindlu zendle kuze kube namuhla.


“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.


Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele.


Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.


USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.


Uyakuyibuthela yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo, uwushise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango yawo, ibe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinxiwa njalo, ungabe usakhiwa futhi.


UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.”


“Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite