Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:45 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla, nokuthi lachoboza insimbi, nethusi, nebumba, nesiliva, negolide, uNkulunkulu omkhulu uyazisile inkosi okuyakuba khona emva kwalokhu; iphupho liqinisile, nencazo yalo iyiqiniso.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

45 Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla, nokuthi lachoboza insimbi, nethusi, nebumba, nesiliva, negolide; uNkulunkulu omkhulu uyazisile inkosi okuyakuba khona emuva kwalokhu; iphupho liqinisile, nencazelo yalo iyiqiniso.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

45 Ngokuba wabona ukuthi itshe laqheshulwa entabeni kungengazandla, laphahlaza insimbi, nethusi, nobumba, nesiliva, negolide; uNkulunkulu omkhulu wayazisa inkosi okuzakwenzeka emva kwalokho; iphupho laliqinisekile, nencazelo yalo iqinisekile.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:45
32 Referans Kwoze  

Ngalokho ithi iNkosi uJehova: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo, itshe elivivinyekileyo, itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso; okholwayo kayikubaleka.


Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele.


“Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.


“Yikho lokhu engikushilo kuFaro: lokho uNkulunkulu asezakukwenza ukubonakalisile kuFaro.


Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu


Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami, lithi: “Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.”


“Ngakho-ke loba okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emva kwalokho.


Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi libe linye; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.


Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela.


“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Ngalokho uDaniyeli wangena ku-Ariyoki obemiswe yinkosi ukuba abhubhise abahlakaniphileyo baseBabele. Wahamba, washo kanje kuye, wathi: “Ungababhubhisi abahlakaniphileyo baseBabele; ngingenise phambi kwenkosi, ngibonise inkosi incazelo.”


Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.


Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.


Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi; umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.


“Ngalokho, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


Lapho sengibhekile, ngasuka ngathi kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu: “Ningabesabi; khumbulani iNkosi enkulu neyesabekayo, nilwele abafowenu, namadodana enu, namadodakazi enu, nawomkenu, nezindlu zenu.”


Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.


Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:


“Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.


Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.


Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye.


Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”


ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite