Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Wembula okujulileyo nokufihliweyo: uyakwazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlala kuye.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:22
37 Referans Kwoze  

Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni, akhiphele ekukhanyeni ithunzi lokufa.


Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambeka induna yezanusi, neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,


Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.


Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi, kakho omunye ongayibonisa phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.”


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.


bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


“Mabazisondeze, basitshele okuyakwenzeka; izinto zakuqala ziyini na? Mabasitshele zona ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu, sazi ukuphela kwazo, noma nisizwise okuzayo.


ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;


Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.


Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”


Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.


Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi.


Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.


Izinto zakuqala zifikile, sengimemezela izinto ezintsha; zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”


Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi, nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile,’ na? Cha, akakho okumemezileyo, akakho nokuzwisileyo, akakho nozwayo amazwi enu.


UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukimi lokho; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.”


Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”


uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.’


Ngubani onjengohlakaniphileyo na? Ngubani owazi ukuchasisela indaba na? Ukuhlakanipha komuntu kuyakhanyisa ubuso bakhe, nobulukhuni bobuso bakhe buyaguqulwa.


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite