Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBabele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangani bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBhabhele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ukuze bacele umusa kuNkulunkulu wezulu ngale mfihlakalo; ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBhabhiloni.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:18
22 Referans Kwoze  

‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


“Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini.


“Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.


Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”


UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.”


Mhlawumbe kuyakusweleka abayisihlanu kubo abalungileyo abangamashumi ayisihlanu; ubuyakubhubhisa wonke umuzi ngenxa yalabo abayisihlanu na?” Wathi: “Angiyikuwubhubhisa, uma ngifumana khona abangamashumi amane nanhlanu.”


iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,


Ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Kristu nangenxa yothando lukaMoya ukuba nilwe kanye nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu,


Wambamba, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu.


Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobaba ongiphile ukuhlakanipha namandla, wangazisa esasikucela kuwe, ngokuba usazisile indaba yenkosi.”


Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zomuthi, umbuso wakho uyakuqina kuwe, lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa.


Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova, uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.”


Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite