Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Nonkulunkulu babo nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibhithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Futhi bayoletha ekuthunjweni onkulunkulu babo, kanye nezikhulu zabo kanye nezitsha zabo eziyigugu zesiliva nezegolide, eGibhithe; futhi uzohlala isikhathi eside kunenkosi yasenyakatho.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:8
17 Referans Kwoze  

alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.


“Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.


Ngokuba livela ku-Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.


Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.


UJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa u-Amoni waseNo, noFaro, neGibithe, nawonkulunkulu balo, namakhosi alo, yebo, uFaro nabamethembayo,


naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi, naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.


Wathi: “Nithathile onkulunkulu bami engabenzayo, nompristi, namuka; ngisenani na? Nisholoni kimi ukuthi: ‘Yini na?’ ”


niwadilize ama-altare azo, niziphohloze izinsika zazo, nibashise o-Ashera* bazo ngomlilo, nizinqume izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo, nesule igama lazo kuleyo ndawo.


abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.


“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.


Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?”


Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo.


Ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bahamba nazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite