Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

40 “Ngesikhathi sokugcina inkosi yaseningizimu iyakulwa nayo; inkosi yasenyakatho iyakuza kuye njengesishingishane inezinqola, nabamahhashi, nemikhumbi eminingi, iyakungena ngaphakathi ezweni, ikhukhule, idlule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyoyihlasela, inkosi yasenyakatho ihlangabezane nayo njengesivunguvungu, inezinqola, nabamahhashi, nangemikhumbi eminingi; futhi iyongena emazweni futhi ikhukhule idlule.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:40
24 Referans Kwoze  

Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.


Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.


bona abamicibisholo yabo ibukhali, nayo yonke iminsalo yabo insaliwe; izinyawo zamahhashi abo ziyakubalwa njengensengetsha, namasondo abo njengesivunguvungu.


Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga.


UJehova abesebonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”


ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho, ngikukhiphe kanye nayo yonke impi yakho, amahhashi nabamahhashi, bonke bembethe kahle kakhulu, iviyo elikhulu elinamahawu nezihlangu, bonke bephethe izinkemba,


Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe!


Isiprofetho ngehlane lolwandle. Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu kuvela ehlane ezweni elesabekayo.


Umumo wezimpi zabakhwele amahhashi wawungukuphindwa kabili kwezinkulungwane eziyishumi ziphindwe kazinkulungwane eziyishumi.


Ngengalo yesifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.


Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


Ngokuba bheka, uJehova uyakufika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufutheka nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.


“Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omunye esikhundleni sayo oyakuya empini, angene enqabeni yenkosi yasenyakatho, amelane nabo, ahlule.


“Inkosi yaseningizimu iyakubaba, iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.


Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala, ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.


“Uyakuvusela inkosi yaseningizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, inempi enkulu enamandla impela; kepha ayiyikuma, ngokuba bayakuceba amacebo ngayo.


Iyakwenze njalo ezinqabeni ezinamandla inonkulunkulu ongowabezizwe; omvumayo iyakumandisela udumo, imenze ukuba abuse abaningi, imahlukanisele izwe libe ngumvuzo wakhe.


Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina.


Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo, lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza, bejabula njengabayakudla ompofu ngasese.


Uyakukhuphuka, ufike njengesivunguvungu, usibekele izwe njengefu, wena nawo onke amaviyo akho, nabantu abaningi kanye nawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite