Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa lowo oza ngokumelene naye uyokwenza njengentando yakhe, futhi akekho oyokuma phambi kwakhe; futhi uyokuma ezweni elikhazimulayo eliyoqedwa ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:16
11 Referans Kwoze  

Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga, nangasezweni elihle.


Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu, yenze njengentando yayo.


Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yababa ngayo, yayishaya inqama, yazaphula izimpondo zayo ezimbili; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo, kepha yayiphonsa phansi, yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo.


Ngabona inqama iqhubukusha ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu; kwakungekho silo ebesinokuma phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.


Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.


“Mina bengithi: “ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’, ningabuyi ekungilandeleni.


utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”


Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


ngenxa yobukhulu owamnika bona, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite