Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma, nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; amabutho aseningizimu awayukuma, nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngalokho inkosi yasenyakatho iyakufika, iphakamise intaba, ithathe imizi ebiyelweyo kakhulu;

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:15
11 Referans Kwoze  

UFaro akayikumenzela impi enkulu nebandla elikhulu empini, lapho benqwabela iduli, bakhe izinqaba, ukuze banqume abantu abaningi.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Gawulani imithi yayo, ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema. Yiwo umuzi oyakuhanjelwa, ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.


uwuvimbezele, wakhe inqaba ngakuwo, uwunqwabele iduli, umise amakamu* ngakuwo, ubeke ngakuwo nxazonke izinqama zokungqubuza.


Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana, kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo, kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.


Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yababa ngayo, yayishaya inqama, yazaphula izimpondo zayo ezimbili; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo, kepha yayiphonsa phansi, yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo.


Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.


Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi:


“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.


Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


“Ngalezo zikhathi abaningi bayakuyisukela inkosi yaseningizimu, nabaphangi babantu bakho bayakuziphakamisa ukuwuqinisa umbono, kepha bayakuwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite