Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 10:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngashiywa ngedwa; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngasala ngedwa; ngawubona lo mbono omkhulu, ngaphelelwa ngamandla, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngase ngisele ngedwa, ngabona lo mbono omkhulu, aphela amandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angibange ngibe namandla.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 10:8
15 Referans Kwoze  

“Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”


Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,


Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu.


Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.


Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.


Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yababa ngayo, yayishaya inqama, yazaphula izimpondo zayo ezimbili; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo, kepha yayiphonsa phansi, yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo.


Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.


Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.


Wayesethi uMose: “Mangiphambuke, ngiye ngibone lesi sibonakaliso esikhulu ukuba isihlahla asishi ngani.”


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho akusalanga mandla kimi, nokuphefumula bekungasekho kimi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite