Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 10:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngangingadli sinkwa sekhethelo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Angidlanga sinkwa esihle, kwakungekho nyama nawayini emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu apheleleyo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 10:3
11 Referans Kwoze  

Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.


Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.


Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.


Inhliziyo iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.


Naye uMefibosheti indodana kaSawule wehla ukuhlangabeza inkosi; wayengalungisanga izinyawo zakhe, engalungisanga nesilevu sakhe, engahlanzanga futhi izingubo zakhe, kwasukela osukwini inkosi eyamuka ngalo kwaze kwaba lusuku owabuya ngalo ngokuthula.


Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.


Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite