Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 10:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akakho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akekho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikhayeli, isikhulu senu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa ngizalitshengisa okuphawulwe emibhalweni yeqiniso; futhi akekho ongibambele kulezi zinto, ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 10:21
14 Referans Kwoze  

Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye, kepha bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.


Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe,


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ephikisana noSathane, ekhulumisana naye ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: “INkosi mayikujezise.”


Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi:


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”


okwaziwa kwaphakade.


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumile ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite