Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 10:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 wathi: “O othandekayo, ungesabi; ukuthula kini, qinani, yebo, qinani. Lapho ekhuluma kimi, ngaba namandla, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami; ngoba ungiqinisile.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 10:19
29 Referans Kwoze  

Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


UJehova wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuyikufa.”


Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli zwi, uqonde nombono.


Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,


Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.


Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.


Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;


Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.”


UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela, oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni, nowathi: “Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?”


Ngakho-ke abaJuda bathi: “Bheka, ukumthanda kwakhe okungaka.”


Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru.


Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: “Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.”


Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Kepha qina manje, Zerubabele,’ usho uJehova, ‘ube namandla, Joshuwa, ndodana kaJehosadaki, mpristi omkhulu, niqine nonke nina bantu bezwe,’ usho uJehova, ‘nisebenze ngokuba nginani,’ usho uJehova Sebawoti.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe.


Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Kuyakuthi, njengalokho wawuyisiqalekiso phakathi kwabezizwe wena ndlu yakwaJuda nawe ndlu yakwa-Israyeli, kanjalo nginisindise, nibe yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite