Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 10:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bheka, onjengamadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngivula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kobemi phambi kwami: “O nkosi yami, ngokubona izinsizi zami ziphendukele kimi, angibange ngibe namandla.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 10:16
29 Referans Kwoze  

Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu.


lathinta umlomo wami, lathi: “Bheka, lokhu kuthintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.”


UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


“Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”


“Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono yekhanda lami yangihlupha.


nofana nendodana yomuntu ephakathi kwezinti zezibani, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande* legolide ezibeleni;


UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma embonga uNkulunkulu.


Ngakuzwa, kepha angiqondanga; bese ngithi: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?”


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami kusihlwa, engakafiki ophunyukileyo, kepha wavula umlomo wami engakafiki kimi ekuseni; wavulwa umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.


Kepha lapho ngikhuluma nawe, ngiyakuwuvula umlomo wakho, wena uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova.’ Ozwayo makezwe, onganakiyo kayeke, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire.* Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.


Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.


UManowa wayesemncenga uJehova, wathi: “O Nkosi, umuntu kaNkulunkulu owamthumayo ake abuyele kithi, asifundise ukuthi siyakwenzani kumntwana ozakuzalwa.”


Wathi kuye: “O Nkosi, ngiyakumsindisa u-Israyeli ngantoni na? Bheka, umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.”


UGideyoni wathi kuyo: “O nkosi yami, uma uJehova enathi, konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: ‘UJehova akasikhuphulanga eGibithe na?’ Kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.”


Yathi: “Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova.” UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: “Ithini inkosi yami encekwini yayo na?”


Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.”


UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.”


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite