Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha uDaniyeli wanquma enhliziyweni yakhe ukuthi angazingcolisi ngokudla kwenkosi nangewayini aliphuzayo; ngakho wacela induna yenkundla ukuthi ingamngcolisi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 1:8
22 Referans Kwoze  

Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.


Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle.


Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.


Inkosi yabamisela isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi nesewayini eliphuzayo, bondliwe iminyaka emithathu; kuyakuthi ngasekugcineni kwayo beme phambi kwenkosi.


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.


ababedla amanoni emihlatshelo yabo, beliphuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwa, na? Mabavuke, banisize, babe yisivikelo senu.


Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba, ethi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu.’


kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.


Unganxaneli izilovela zakhe, lokhu zingukudla okukhohlisayo.


Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite