Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Sinodadewethu omncane, kanawo amabele; siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Sinodadewethu omncane, ongakahlosi. Siyokwenzenjani ngaye ngosuku ayocelwa ngalo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Silodadewethu omncane, njalo kalawo amabele; kumele senzenjani nosisi wethu mhla kukhulunywa ngaye?

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:8
29 Referans Kwoze  

nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.


“Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe.’ ”


Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: “Welela eMakedoniya, usisize.”


Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya;


Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.


Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.


zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


Uyakugcwaliswa ngokudakwa nosizi: ngendebe yesimangaliso neyencithakalo, indebe kadadewenu iSamariya.


Usuyakuzikhumbula izindlela zakho, ujabhe, lapho uyakubamukela odadewenu, omkhulu nomncane, ngikunike wona abe ngamadodakazi, kungabi ngesivumelwano sakho kodwa.


Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.


Wande njengehlumela lasendle; wanda, wakhula, wabukeka nokubukeka; amabele akho aphuhla, izinwele zakho zazimilile, kepha wawunqunu, wawuze.


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ngilugange, namabele ami anjengemibhoshongo; khona ngaba semehlweni akhe njengofumene ukuthula.


Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbili ezingamawele ensephe.


Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbili ezingamawele ensephe, ezidla phakathi kweminduze.


Uma elugange, siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva; uma eyisicabha, siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite