Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati* wami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Bengizakukuhola ngikuse endlini kamame owangifundisa; mina ngikuphuzise iwayini elithakwe ngezinongo, nesiphuzo sami samahananadi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bengiyakukuhola, ngikungenise endlini kamame, abeyakungifundisa; bengiyakunathisa izinongo zompomegranati wami.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:2
16 Referans Kwoze  

Ngangidlule kancane nje kubo; ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami; ngambamba, angivumanga ukuba ahambe, ngaze ngamngenisa endlini kamame nasekamelweni lowangikhulisayo.


Masivuke ekuseni, siye ezivinini, sibone uma umvini uqhakazile, nezimbali zawo uma zivulekile, namapomegranati* uma ekhahlele. Lapho ngiyakukunika uthando lwami.


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Luhle kangakanani uthando lwakho, kunewayini, nephunga lamafutha akho kunamakha onke!


Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.


nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


nomlomo wakho njengewayini elihle elihamba lehle kamnandi, lewuka ngezindebe nangamazinyo.


Kuhlabile umhlatshelo, kuvubele iwayini lakho; futhi kulungisile itafula lakho.


Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”


Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse, ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu,


Sengathi nga unjengomfowethu owancela amabele kamame! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite