Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha, nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, nezintombi azinakubalwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ondlunkulu bangamashumi ayisithupha, izancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, izintombi azinakubalwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kukhona amakhosikazi angamashumi ayisithupha, nezancinza ezingamashumi ayisishiyagalombili nezintombi ezingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:8
7 Referans Kwoze  

Iyiswa enkosini igqoke izingubo ezifekethisiweyo; izintombi ezingabangane bayo ziyayilandela; ziyiswa kuwe.


Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.


Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabesifazane bakho abadumileyo; inkosikazi imi ngakwesokunene sakho, ihlobe igolide lase-Ofiri.


Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro, abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, nama-Edomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi,


Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,


URehobowamu wamthanda uMahakha indodakazi ka-Abisalomu phezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe, ngokuba wathatha abafazi abayishumi nesishiyagalombili nezancinza ezingamashumi ayisithupha, wazala amadodana angamashumi amabili nesishiyagalombili namadodakazi angamashumi ayisithupha.


Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite