Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Buya, buya mShulami! Buya, buya ukuze sikubuke! Yini enizoyibona kumShulami na? Kunjengokusina phakathi kwamaqembu amabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Buya, buya, Shulamiti! buya, buya, ukuze sikubheke. Yini ozoyibona kumShulami? Iqembu lamabutho amabili, njengokungathi.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:13
23 Referans Kwoze  

UJakobe ezibona wathi: “Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu.” Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.*


u-Abrahama wamabela okweshumi kukho konke yena ogama lakhe lithi kuqala ukuhunyushwa kwalo inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okungukuthi inkosi yokuthula,


nxa efika ukuba akhazimuliswe kubo abangcwele bakhe, abe ngomangalisayo kubo bonke abakholwa ngalowo muhla, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.


Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.


kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.


Kumbe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Kasiye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe,


Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.


Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.


Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”


Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe.


“Buyani nina bantwana abahlehlayo, ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.” “Bheka, sesifikile kuwe, ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.


“Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,


Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.


Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha, angenza umlindizivini, kepha isivini esingesami angisilindanga.


Itabernakele* lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.


UDavide wayesefika eMahanayimi. U-Abisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye.


nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka enqoleni yabantu benkosana yami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite