Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi, nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati* uma ekhahlele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngehlele esivandeni samantongomane ukuyobona izithelo eziluhlaza esihosheni, nokubona ukuthi ngabe umvini usuqhakazile namahananadi asekhahlele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngehlela ensimini yamantongomane ukuze ngibone izithelo zasesigodini, ngibone ukuthi umvini uyakhama yini, namapomegranati ayakhama yini.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:11
14 Referans Kwoze  

Masivuke ekuseni, siye ezivinini, sibone uma umvini uqhakazile, nezimbali zawo uma zivulekile, namapomegranati* uma ekhahlele. Lapho ngiyakukunika uthando lwami.


Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”


Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo; esefikile kuwo akafumananga lutho, amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane.


Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.


Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.


UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi.


Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’


emvinini kwakukhona amagatsha amathathu; wahluma qede wakhahlela, amahlukuzo awo athela izithelo.


Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka enqoleni yabantu benkosana yami.


Amamandragora* athaphuka iphunga, nangaseminyango yethu kukhona izinhlobo zonke zezithelo ezinqabileyo, ezintsha nezindala, engizibekele wena othandiweyo wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite