Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Othandiweyo wakho udlula ngani omunye, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, na? Othandiweyo wakho udlula kuphi omunye ukuba usifungise kanjalo na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Othandiweyo wakho ubedlula ngani abanye, wena omuhle phakathi kwabo bonke abesifazane na? Othandiweyo wakho ubedlula ngani abanye, ukuze usifungise kanjalo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Othandiweyo wakho umkhulu ngani kunesinye isithandwa, wena muhlekazi kwabesifazane? Othandiweyo wakho udlula ngani omunye, ukuba usifungise kanjalo na?

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:9
11 Referans Kwoze  

Othandiweyo wakho uyephi, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na?


Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.


Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.


Okudumisekayo kukhulunywa ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela*


Indodakazi yenkosi inhle kakhulu, ilapho phakathi; ingubo yayo yalukiwe ngegolide.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?”


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite