Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo, nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Bengilele, kodwa inhliziyo yami ibhekile; ngezwa izwi lothandiweyo wami engqongqoza! “Ngivulele dadewethu, sithandwa sami, juba lami, wena opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo; imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:2
39 Referans Kwoze  

Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.


Ingelosi eyayikhuluma nami yabuya, yangivusa njengomuntu evuswa ebuthongweni bakhe.


Kepha ijuba lami, opheleleyo wami munye nje; ungoyedwa kunina, ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayambona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.


Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu.”


Njengalokhu abaningi bamangala ngayo ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu


Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.


Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando, nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.


nomlomo wakho njengewayini elihle elihamba lehle kamnandi, lewuka ngezindebe nangamazinyo.


Ikhanda lakhe liyigolide elihle elicwengekileyo; isihluthu sakhe sinententezo, simnyama njengegwababa.


Ungaphucile inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami; ungaphucile inhliziyo yami ngelinye lamehlo akho, ngomgexo munye wentamo yakho.


Umuhle wonke, sithandwa sami, akukho sisihla kuwe.


Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.


Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe,


Nanto izwi lothandiweyo wami! Bheka, uyeza eqa ezintabeni, etshekula emagqumeni.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.


UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe.


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


“Kepha-ke unamagama ayingcosana eSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami bembethe okumhlophe, ngokuba bafanele.


Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”


akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye.


Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.


Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.


Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.


Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.


Ngamvulela-ke othandiweyo wami, kepha othandiweyo wami ubephendukile, wamuka; umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe, ngamfuna, kepha angamthola; ngambiza, kodwa akaphendula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite