Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngangena ensimini yami, dadewethu, makoti wami; Ngabutha imure lami namakha ami; Ngadla amakhekheba ami nezinyosi zami; Ngaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami; dlani, oh bangane! phuzani, yebo, phuzani kakhulu, zithandwa.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:1
43 Referans Kwoze  

Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.


Vuka, moya wasenyakatho, uze wena Ningizimu, uphephethe ensimini yami, ukuze amakha ayo athaphuke; othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle izithelo zayo ezinqabileyo.


UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


“Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo.


Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.


Onomlobokazi ungumyeni, kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele.


“Kepha ngithi kinina bahlobo bami: Ningabesabi abawubulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.


Niyakukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengohlaza; isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, athukuthelele izitha zakhe.


Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi: “Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyakoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kepha nina niyakujabha;


Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uJehova iyakuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.


UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.


Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela.


Wena ohlala emasimini, abangane balalela izwi lakho; ake ungizwise lona.


Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


Ngokuhlupheka komphefumulo wayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;


Sengathi nga unjengomfowethu owancela amabele kamame! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.


Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi, nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati* uma ekhahlele.


Abangcwele abasemhlabeni, abayizikhulu, yonke intokozo yami ikubona.


UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.


Kwathi lapho bembona, baletha abayeni abangamashumi amathathu ukuba babe naye.


Kepha umkaSamsoni wanikwa kumngane wakhe owabe ngomunye wabayeni bakhe.


Ndodana yami, yidla izinyosi, ngokuba zimnandi, noju oluhle emlonyeni wakho.


ngazenzela izivande namahlathi, ngatshala khona imithi enezithelo zezinhlobo zonke,


Othandiweyo wami ungumshuqulu wemure* kimi, olele phakathi kwamabele ami.


Woza umuke nami eLebanoni, makoti wami, umuke nami eLebanoni, wehle esiqongweni sase-Amana, nasesiqongweni saseSeniri naseHermoni, simuke emihumeni yezingonyama, nasezintabeni zezingwe.


Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite