Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izindebe zakho zinjengomucu obomvu, umlomo wakho muhle; izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Izindebe zomlomo wakho zifana nomucu obomvu, umlomo wakho muhle, ufana nocezu lwehananadi, ngale kwemvakazi yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izindebe zakho zinjengomucu obomvu, nokukhuluma kwakho kuhle; amathempeli akho anjengocezu lwehalananda phakathi kwezihluthulelo zakho.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:3
29 Referans Kwoze  

Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.


Umlomo wakhe umnandi, uyanxaneleka wonke; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.


uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo, uzibuthele endlini yakho uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo.


Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke,


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.


Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, lapho ngikuthethelele konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.’ ”


nomlomo wakho njengewayini elihle elihamba lehle kamnandi, lewuka ngezindebe nangamazinyo.


Izihlathi zakhe ziyizindima zamakha ezithaphuka iphunga, nezindebe zakhe ziyiminduze econsa imure* elimanzi.


Izindebe zakho, makoti wami, ziyaconsa izinyosi; uju nobisi kukhona phansi kolimi lwakho, nephunga lezambatho zakho linjengephunga laseLebanoni.


Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.


Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.


Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho.


Umuhle wena kunabantwana babantu; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.


ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini.


umpristi uyakuthabatha umsedari,* nehisopi,* nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.


Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.


Inyoni ezwayo uyakuyithatha kanye nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,* akugcobhoze kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni eyahlatshwa phezu kwamanzi agobhozayo,


bheka, umpristi makayale ukuba oyakuhlanjululwa athathelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo nomsedari* nendwangu ebomvu nehisopi,*


angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.


Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite