Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Siphethu sensimu, mthombo wamanzi aphilayo, sifufula saseLebanoni!

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Isiphethu sezivande, umthombo wamanzi aphilayo, ogeleza uvela eLebhanoni!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 umthombo wamasimu, umthombo wamanzi aphilayo, nemifudlana evela eLebanoni.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:15
15 Referans Kwoze  

UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”


Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”


kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigubhele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu,* uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


O, themba lika-Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Uyinsimu ehluthulelweyo, dadewethu, makoti wami, umthombo ohluthulelweyo nesiphethu esibekwe uphawu.


ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo.


Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.


Imithombo iyaphalala ngaphandle yini, nemifula yamanzi ezigcawini, na?


Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho.


UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.


Kuyakuthi ngalolo suku kuphume amanzi aphilayo eJerusalema, inxenye yawo ngaselwandle lwasempumalanga, inxenye yawo ngaselwandle lwasentshonalanga, kube sehlobo nasebusika.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite