Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngangidlule kancane nje kubo; ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami; ngambamba, angivumanga ukuba ahambe, ngaze ngamngenisa endlini kamame nasekamelweni lowangikhulisayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngithe nje ukwedlula kancane kubo, ngase ngizithela kothandwa ngumphefumulo wami. Ngambamba, ngamnkonkoshela angavuma ukuba ahambe, ngaze ngamfaka endlini kamame, nasekamelweni lalowo engavundla esiswini sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngadlula kubo kancane, kepha ngamfumana othandwa ngumphefumulo wami; Ngambamba, angizange ngimyeke, ngaze ngamngenisa endlini kamama, ekamelweni lalowo owangithwala.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:4
21 Referans Kwoze  

Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati* wami.


Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana.


Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.


“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.


UJehova muhle kwabamethembayo, kumphefumulo omfunayo.


Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka enqoleni yabantu benkosana yami.


Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.


Bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona.” Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.


Ikhanda lakho kuwe linjengeKarmeli, nomyeko wekhanda lakho unjengokububende; kuboshiwe inkosi ngesiyendane.


Wayesethi: “Angihambe, ngokuba sekuyasa.” Kepha wathi: “Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.”


Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?


nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.


Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami ukuthi waluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini, ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite