Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kodwa angimtholanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngamfuna embhedeni wami ebusuku othandwa ngumphefumulo wami; Ngamfuna kodwa angimtholanga.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:1
16 Referans Kwoze  

enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo,


Ngamvulela-ke othandiweyo wami, kepha othandiweyo wami ubephendukile, wamuka; umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe, ngamfuna, kepha angamthola; ngambiza, kodwa akaphendula.


Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami ukuthi waluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini, ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na?


Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.


Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma nimfumana othandiweyo wami, ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.


Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.


Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule. Sela*


Yena-ke ekuzwa lokho wasuka masinyane, waya kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite