Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nanto izwi lothandiweyo wami! Bheka, uyeza eqa ezintabeni, etshekula emagqumeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Yizwi lothandiweyo wami lelo! Bheka, weqa izintaba, ugxuma phezu kwamagquma.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izwi lothandiweyo wami! bhekani, uyeza egxuma phezu kwezintaba, egxuma emagqumeni.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:8
19 Referans Kwoze  

Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Onomlobokazi ungumyeni, kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele.


Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyinkosi.”


Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, mawube njengensephe, wena othandiweyo wami, nanjengesixhumu sendluzele ezintabeni eziqhekezekileyo.


wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba.


egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu.


U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na? Wafunyanwa phakathi kwamasela, njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?


Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.


Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.


Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo, nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”


Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.


“Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.


Vuka, moya wasenyakatho, uze wena Ningizimu, uphephethe ensimini yami, ukuze amakha ayo athaphuke; othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle izithelo zayo ezinqabileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite