Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami ukuthi waluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini, ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami, umhlambi wakho uweluselaphi, uwuphumuzelaphi emini na? Kungani kumele ngihambe ngicinga emihlanjini yabangani bakho, njengowesifazane ogubuzele ngemvakazi na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngitshele, wena othanda umphefumulo wami, lapho uklaba khona, lapho uphumula khona umhlambi wakho emini; ngoba kungani ngizakuba njengohlubuke emihlambini yabangane bakho?

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:7
33 Referans Kwoze  

Alisoze labuye lakhiwa, akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane; umArabiya akayikumisa khona, nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.


Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.


ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi,


enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo,


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


“Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


“Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;


Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegama likaJehova uNkulunkulu wakhe; sebeyakuhlala, ngokuba uzakuba mkhulu kuze kube semajukujukwini omhlaba.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.


Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.


Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.


Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;


Wena ohlala emasimini, abangane balalela izwi lakho; ake ungizwise lona.


Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami, lapho alusa phakathi kweminduze.


Umlomo wakhe umnandi, uyanxaneleka wonke; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.


Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu, uyabonakala phakathi kwezigidi.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma nimfumana othandiweyo wami, ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.


Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; uyalusa phakathi kweminduze.


Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.


Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.


Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami.


Wathi: “Ngifuna abafowethu; ake ungitshele ukuthi baluselaphi.”


Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.


URuthe wakwaMowabi wathi: “Yebo, wathi kimi: ‘Wonamathela kubafana bami, baze baqede konke ukuvuna kwami.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite