Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Waze wamuhle sithandwa sami! Bheka, umuhle, amehlo akho angamajuba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:15
17 Referans Kwoze  

Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.


Amehlo akhe anjengamajuba ngasemifuleni yamanzi, ageziwe ngobisi ehlezi ngasemifudlaneni egcweleyo.


Umuhle wonke, sithandwa sami, akukho sisihla kuwe.


Bese nithi-ke: ‘Ngani na?’ Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena, noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.


Umuhle, umnandi kangakanani wena othandwa ngenjabulo!


Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.


Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo, nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Luhle kangakanani uthando lwakho, kunewayini, nephunga lamafutha akho kunamakha onke!


Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza, imivini inezimbali, ithaphuka iphunga layo; vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe.”


Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe,


Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.


Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro, sithandwa sami.


Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.


Ngubani lo olunguza njengokusa, emuhle njengenyanga, ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na?


Isimo sakho siyisundu, namabele akho omabili anjengamahlukuzo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite