Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amaqhawe akho, Themani, ayakuphela amandla, ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela, ukuze kube yilowo nalowo abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Amaqhawe akho, Themani, ayakwethuka, ukuze zonke izintaba zakwa-Esawu zinqunywe ngokubulawa.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:9
19 Referans Kwoze  

Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani, uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane, ngimenze ize kusukela eThemani, bawe ngenkemba kuze kube seDedani.


Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka, andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.


Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.


Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngo-Edomi namacebo awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.


Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?


Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze.


Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.


onesibindi phakathi kwamaqhawe uyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.


Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje; amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho, umlilo udlile imigoqo yakho.


ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.


“Uma amasela efika kuwe, nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakho bebengayikweba baze baneliswe na? Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe, bebengayikushiya umkhothozo na?


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni yasePharanu. Sela* Udumo lwakhe lusibekela amazulu, nomhlaba ugcwele indumiso yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite