Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa-Israyeli abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefati nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Isigejana sabantu bakwa-Israyeli esisekudingisweni eKhanani kuze kube seZarefathi, nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla imizi eNegevu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Isiphetho sale butho labantwana bakwa-Israyeli siyakuthatha okwamaKhanani kuze kube seSarefati; abathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayodla ifa lemizi yaseningizimu.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:20
12 Referans Kwoze  

kepha u-Eliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi.


Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo,’ usho uJehova.


Amasimu ayakuthengwa ngemali, kulotshwe encwadini, kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.”


ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.’ ”


Imizi yaseningizimu ivaliwe, akakho ovulayo; wonke uJuda uthunjiwe, uthunjiwe ngokupheleleyo.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.


Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu, abantu bami u-Israyeli; bayakukuzuza, ube yifa labo; awusayikubaphuca abantwana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite