Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngosuku owema kude ngalo, ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe, benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Phela ngosuku owamela kude ngalo, mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe, nabezizwe betheleka emasagweni akhe, benza unkatho ngeJerusalema, nawe wawufana nomunye wabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngosuku owama ngalo maqondana, mhla abezizwe besusa amabutho akhe nabafokazi bengena emasangweni akhe benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:11
13 Referans Kwoze  

Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Nalo lamukiswa, laya ekuthunjweni, nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngezikhulu zalo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.


Zenza inkatho ngabantu bami, zanika umfana ngesifebe, zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini, zaliphuza.


Uma ubona isela, uvumelana nalo; neziphingi uhlanganyela nazo.


Abanye abantu ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.


Baceba nganhliziyonye, benza isivumelwano ngawe:


amatende ka-Edomi naka-Ishmayeli, nakaMowabi nakaHagari,


“ ‘Ngokuba wathi: “Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho,” noma uJehova ebelapho,


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo ukuba babakhaphele ku-Edomi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi, bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.


Lokhu kuyakuba sesikhundleni sokuziphakamisa kwabo, ngokuba bathukile, bazikhulisela abantu bakaJehova Sebawoti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite