Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe, amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngenxa yobudlova bakho kumfowenu uJakobe buyakusibekela, futhi uyonqunywa kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:10
30 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wagcina ulaka lwakhe, wayilondoloza intukuthelo yakhe.


Ngiyakukwenza incithakalo ephakade, imizi yakho ingabe isahlalwa, nazi ukuthi nginguJehova.


Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela*


U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”


Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.


IGibithe liyakuba yincithakalo, u-Edomi abe yihlane lencithakalo ngenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda, ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.


Bayakubhinca izindwangu zamasaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni bonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda abo.


Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.


“Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba; amahloni asibekela ubuso bethu, ngokuba abafokazi bangenile ezindaweni ezingcwele endlini kaJehova.”


Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo, kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesambatho.


Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho; ihlazo lisibekela ubuso bami.


UJakobe wathi kuRebeka unina: “Bheka, umnewethu ungumuntu oyinundu, mina ngiluqwatha.


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


Ngokuba phezu kwakho konke babefikile abakwa-Edomi, bashaya uJuda, bathumba abathunjwa.


Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.


Abantwana besizukulwane sesithathu abazalwa yibo bayakungena ebandleni likaJehova.


Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayikuyekwa.


Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.


Ububi bakho sebuphelile, ndodakazi yaseSiyoni, kasayikukuthumba. Ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi, uyakubuhambela, azambule izono zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite