Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 8:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kwafika kuye abaFarisi, baqala ukuqophisana naye, befuna isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Base bephuma abaFarisi, baqala ukuphikisana naye, befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Base bephuma abaFarisi, baqala ukuphikisana naye, befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 8:11
27 Referans Kwoze  

Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.


Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.”


Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”


“Aniyikumlinga uJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho namlinga eMasa.


Ngakho-ke uJesu wathi kuyo: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”


Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”


Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”


Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na?


Ngakho bathi kuye: “Pho, wenza sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na?


Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”


Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.”


Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?”


Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza


Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na?


Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi.


Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”


Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”


Ngalokho abantu baphikisana noMose, bathi: “Siphe amanzi, siphuze.” UMose wathi kubo: “Yini ukuba niphikisane nami na? Nimlingelani uJehova na?”


Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.


Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite