Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 7:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Wayesethi kubo: “Yebo, nilahla umyalo kaNkulunkulu ukuze nigcine isiko lenu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Wathi kubo: “Niyakulahla umyalo kaNkulunkulu, ukuze nigcine isiko lenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wathi kubo: “Niyakulahla umyalo kaNkulunkulu, ukuze nigcine isiko lenu.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 7:9
16 Referans Kwoze  

Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.”


Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.


Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.”


ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala;


Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho.


omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.


Ngakho-ke umthetho siwenza ize ngenxa yokukholwa na? Qha nakanye, kodwa siyawuqinisa umthetho.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.


abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?”


Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu.


futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite