Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 6:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

41 Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi bakhe, ukuba bazibeke phambi kwabo; lezinhlanzi ezimbili wababela bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi bakhe, ukuba bazibeke phambi kwabo; lezinhlanzi ezimbili wababela bonke.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 6:41
22 Referans Kwoze  

Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.


wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!”


Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.


Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.


ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.”


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena,


Balisusa-ke itshe. Kepha uJesu waphakamisa amehlo, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.


Kwathi besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu.


kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile;


UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo.


Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”


wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.


“Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.


Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu.


mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ishumi nambili.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite