Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 6:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Bahamba-ke beshumayela ukuba abantu baphenduke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Basebephuma batshumayela ukuthi abantu baphenduke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Basebephuma batshumayela ukuthi abantu baphenduke.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 6:12
23 Referans Kwoze  

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


Bathi ukuzwa lokho, bathula, badumisa uNkulunkulu, bathi: “Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.”


UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.


Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoJona.


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


“Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”


“Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.


kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”


Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”


wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”


Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi:


Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”


Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.


“izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde,’ ”


Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite